Isigceme sobugebengu sihlanganisa nendawo esemaphethelweni naleyonkundla kanti singenabela endaweni ebanzi.
Kulendawo engcwele, abaphenyi baqoqa ubufakazi ngenhloso yokukhombisa ukuthi icala lenzeke ngempela, ukufuna izigelekeqe nokuzihlanganisa nalesosigceme.
Uma kwenzeke icala, izigebengu zibandanyeka esigcemeni ngokungena noma ngokuphuma ngendlela ethile. Lomgudu uba yingxenye yesigcawu sobugebengu kanti yiyona ndlela ezixhumana ngayo ngqo nesigceme sobugebengu.
Ngesikhathi amaphoyisa efika esigcemeni, asuke engenaqiniso eliphelele ngalokho okwenzekile. Ungasiza ekukhombeni indawo engcwele ngokuqaphela yonke imigudu esetshenziswe yizigelekeqe.
Ukuphenya icala kuchaza ukuqoqa ubufakazi bolwazi nezimpawu eziphathekayo. Ubufakazi obuphathekayo kungaba yimpahla noma yinto ethile engasetshenziswa ngamaphoyisa ekuxazululeni icala.
Amaphoyisa asebenzisa umzekelo wokuthi uma kuhlangana izinto ezimbili, kuba nezinsalela ezingejwayelekile njengezinwele, iswidi, amathe, uthuli kanye nomaka beminwe.
Yibo lobufakazi okufanele buphenywe ngamaphoyisa.
Ubufakazi bungaba sobala njengomaka wesicathulo noma lobo obubonakala kahle ngaphansi kwesibonakhulu, njengemicwana noma izinsalela zegazi.
Ubuchwepheshe banamuhla benza kube lula ukuba amaphoyisa ahlanganise abantu nendawo kanye nezinto.
Ngenhloso yokusebenzisa ubuchwepheshe, izigceme zobugebengu kumele zilondolozwe futhi zivikelwe ekungenweni okungadingeki nokungaphazamisa ubufakazi.
Uma ulondoloza isigceme secala, amaphoyisa ayokwazi ukuqoqa ubufakazi obuqondile.
Isimo sokuphazamisa isigceme secala sidala ukuthi bunciphe ubufakazi obutholwayo nobuwusizo.
Ukulondoloza isigceme secala, "indawo engcwele" ngenye yesibophezelo sakho esibalulekile.
Ungathinti noma ususe impahla esesigcemeni, njengefenisha, izingubo noma ukudla. Ungasebenzisi ngisho ucingo, okungenani cela olukamakhelwane wakho.
Sebenzisa enye indlela, hhayi leyo esetshenziswe yizigebengu.
Uma kunokwenzeka, khiya ekhaya.
Cela ukusebenzisa ucingo lwakamakhelwane noma enye indawo ukubika isigameko. Lindela amaphoyisa.
Ngesikhathi sokubika ubugebengu, nika imininingwane egcwele yalapho ungatholwa khona, uma amaphoyisa efuna olunye ulwazi ngaphambi kokufika esigcemeni.
Khomba indlela noma umgudu owusebenzisile.
Wonke umuntu osesigcemeni noma osondelene naso angaba wufakazi.
Tshela amaphoyisa konke okwaziyo, akukhathalekile ukuthi wena ukubona kungasho lutho.
Bhala phansi konke lokhu ngaphambi kokuba ukuxoxe nabanye ngoba ungasuke ukhohlwe noma bakuphazamise.
